<link rel="stylesheet" href="styles.cf390c6bfbe7555f.css">
Institutional Repository

Inkolelo yokuphila ungunaphakade e-Alkabulan [Afrika]: Umnyombo wesakhiwo sendilinga/iqhugwane/ uguqasithandaze

Loading...
Thumbnail Image

Authors

Mthembu, Ntokozo

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Unisa

Abstract

Ngokufingqiwe Ukuqhoqhobalwa kwezwekazi i-Alkabulan ngamazwe aseNtshonalanga kubonakala ekukhiqizweni komnotho kanye nolwazi ezikhungweni zemfundo ephakeme. Lokhu kubonakala lapho ulwazi, nezilimi kanye nendlela yokubuka ngeso laseNtshonalanga kuphoqelekile futhi kugcizelelwa kwizifundo zobuchwepheshe. Lesisimo sinomthelela ekutheni abantu base-Afrika kanye nabafundi kwizikhungo eziphakeme bazibandakanye kumbhedukazwe obizwa ngokuthi i-#Ushintsho kuhla lokufunda [#Curriculum Transformation]. Leliphepha limayelana nokubuyekezwa kwezindlela zesintu zokuhlaziya kanye namasu okumele asetshenziswe ezikhungweni zemfundo ephakeme eNingizimu ye-Alkabulan. Lokhu kuzokwenziwa ngokuba kubhekwe indlu yendilinga yona eyisakhiwo esiphambili e-Alkabulan njengesu lokuzibuyekeza kokuzazi kwabantu abamnyama.

Description

Citation

Endorsement

Review

Supplemented By

Referenced By